Author: admin

Search

Search

Categories

Categories

Most Popular

Social Share

Ngubani Umoya Oyingcwele na?

Eyabhalwa Michael Houdmann

Impendulo: Kukhona izinkolo eziningi futhi ezingenalo iqiniso ngesimo soMoya Oyingcwele. Abanye bamfanisa njengemandla amangalisayo. Abanye bamfanisa njengomuntu onamandla esinikwe uNkulunkulu thina maKrestu. Izwi lika Nkulunkulu lithi uyini uMoya Oyingcwele? Kalula nje lithi iBhayebheli uMoya nguNkulunkulu. IBhayebheli lithi uMoya Oyingcwele ngumuntu oPhezu kwakho konke, umuntu, imizwa kanye nentando.

Read More »

Ngingayazi kanjani intando kaNkulunkulu empilweni yami? Lithini iBhayebheli ngokwazi intando kaNkulunkulu esimeni esithize?

Eyabhalwa Michael Houdmann

Impendulo: Ngingayazi kanjani intando kaNkulunkulu empilweni yami? Lithini iBhayebheli ngokwazi intando kaNkulunkulu esimeni esithize;

1 Yenza isiqiniseko sokuthi okucelayo nome okwenzayo akusikholoku iBhayibheli likunqabelayo.
2 Yenza isiqiniseko ukuthi ucela noma wenza ukudumisa uNkulunkulu futhi kusiza ukukholwa kwakho.

Read More »

Insindiso ukukholwa noma ukukholwa nemisebenzi?

Eyabhalwa Michael Houdmann

Impendulo: Kungahle kwenzeke ukuthi lombuzo ubaluleke kakhulu kusifundiso samaKresu. Lombuzo wabanga ukwehlukana phakathi kwama Katolike nama Luthere. Lombuzo futhi ulethe ukuhlukana phakathi kwamakhola eBhayibhele namabandla omthetho. Insindiso iza ngokukholwa noma ukukholwa kanye nemisebenzi? Ngisindiswa ngokukholwa ku Jesu, noma Kufanele ngikholwe ku Jesu futhi ngenze ezinye izinto?

Read More »

Ingabe ubuNkulunkulu bukaKristu buyangokwemibhalo na?

Eyabhalwa Michael Houdmann

Impendulo: Ngaphezu kwalokho uJesu owayezisho ukuthi uyikho, abafundi babemukela ubuNkulunkulu Bakhe. Bavuma ukuthi uJesu ufanelwe ukuthethelela izono – into eyayifanele ukuthi yenziwe nguNkulunkulu kuphela ngoba kuNguye ophambene nesono (Izenzo 5:31; KwabaseKolose 3:13; cf AmaHubo 130:4; KuJeremiya 31:34). Okusondele kakhulu kulokho ukuthi uJesu wathi Yena “uzokwahlulela abaphilayo nabafileyo” (II KuThimothewu 4:1). UTomase wathi kuJesu, “Nkosi yami Nkulunkulu wami!” (NgokukaJohane 20:28).

Read More »

Ingabe amaKristu aphoqelelekile ukuthobela umthetho weTestamente elidala na?

Eyabhalwa Michael Houdmann

Impendulo: Ukhiye wokuqondisisa lenkulumo ukuba sazi ukuthi umthetho weTestamente elidala wanikezwa isizwe sakwaIsrayeli, hhayi kumaKristu. Eminye yalemithetho yayinikezwe amaIsrayeli ukuba amthobele futhi amjabulise uNkulunkulu (njengemithetho eyishumi), kanti eminye yayibafundisa ibabonisa ukuthi ufanele ukukhonzwa kanjani uNkulunkulu (njengemithetho yemihlatshelo), eminye yalemithetho yayenzelwe nje ukwenza uIsrayeli ukuba ehluke kwezinye izizwe (njengemithetho yokudla nokwembatha).

Read More »

Incazelo yempilo iyini na?

Eyabhalwa Michael Houdmann

Impendulo: Ingachazwa ngokuthi iyini impilo? Ngingayithola kanjani injongo, ukugcwaliseka, nokweneliseka empilweni? Ingabe nginakho yini kimina ukuba ngingaphumelela ukwenza utho olusemqoka? Abaningi abantu bacanga bengaqedi ngokuthi impilo iyini, isho ukuthini. Babheka emumva eminyakeni eyadlule bangaqondisisi ukuthi ubudlelwane babo bubhidlike kanjani, nokuthi bazizwele benganelisekile yize bakutholile konke ebebefise ukukwenza.

Read More »

Iyini inkolo yobuKristu, futhi yini amaKristu akholelwa kuyo?

Eyabhalwa Michael Houdmann

Impendulo: I KwabaseKorinte 15:1-4 ithi, “Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize. Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.”

Read More »

Ingabe iBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu ngokweqiniso na?

Eyabhalwa Michael Houdmann

Impendulo: Impendulo yethu yalombuzo ayizukuveza nje kuphela indlela esemqoka ngayo iBhayibheli ezimpilweni zethu, kodwa nendlela ethinta ngayo impilo yethu ngokwaphakade. Uma iBhayibheli liyiliZwi likaNkulunkulu ngempela, ngalokho ke sifanele ukulihlonipha, silidadishe, silithobele, futhi silethembe ngokuphelele. Uma iBhayibheli liyiliZwi likaNkulunkulu ukulidebesela lona kusho ukudebesela uNkulunkulu uqobo Lwakhe.

Read More »