Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Ingachazwa ngokuthi iyini impilo? Ngingayithola kanjani injongo, ukugcwaliseka, nokweneliseka empilweni? Ingabe nginakho yini kimina ukuba ngingaphumelela ukwenza utho olusemqoka? Abaningi abantu bacanga bengaqedi ngokuthi impilo iyini, isho ukuthini. Babheka emumva eminyakeni eyadlule bangaqondisisi ukuthi ubudlelwane babo bubhidlike kanjani, nokuthi bazizwele benganelisekile yize bakutholile konke ebebefise ukukwenza.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: I KwabaseKorinte 15:1-4 ithi, “Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize. Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.”
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Siyazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ngempela ngoba uzivezile kithi ngezindlela ezintathu: Endalweni, eZwini Lakhe, futhi naseNdodaneni Yakhe uJesu Kristu.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Impendulo yethu yalombuzo ayizukuveza nje kuphela indlela esemqoka ngayo iBhayibheli ezimpilweni zethu, kodwa nendlela ethinta ngayo impilo yethu ngokwaphakade. Uma iBhayibheli liyiliZwi likaNkulunkulu ngempela, ngalokho ke sifanele ukulihlonipha, silidadishe, silithobele, futhi silethembe ngokuphelele. Uma iBhayibheli liyiliZwi likaNkulunkulu ukulidebesela lona kusho ukudebesela uNkulunkulu uqobo Lwakhe.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Izindaba ezimanandi, uma silinga ukuphendula lombuzo, ziwukuthi kuningi kakhulu esingakuthola ukuthi uNkulunkulu ungubani! Labo abafuna ukwazi kabanzi ngalencazelo kungabasiza uma bengacala ngokuyifunda yonke kuqala; bese ke babuyela emumva baqaphelisisa izindimana ezikhethekile embhalweni ezichaza kabanzi ngayo.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Akukho lapho kubhalwe khona eBhayibhelini lapho uJesu elikhipha ngembaba khona ukuthi, “nginguNkulunkulu”. Kodwa lokho akusho ukuthi akakuvezanga noma akashongo ukuthi unguNkulunkulu. Isibonakaliso salokhu amagama uJesu awasho encwadini ngokukaJohane 10:30, “Mina noBaba simunye.” Uma ungawanakile lamagama angeke usho vele ukuthi uJesu uzisho ukuthi unguNkulunkulu.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Ingabe uNkulunkulu ukhona yini? Kuyamangaza ukuthi abantu abaningi bagxile kulenkulumo mpikiswano. Uhlolo olusanda kwenziwa lukhombisa ukuthi abantu abangaphezu kuka 90% emhlabeni bayakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu noma ke emandleni thize amakhulu.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Ungubani uJesu Kristu? Ngokungafananisi nalombuzo othi, “Ingabe uNkulunkulu ukhona yini?” bancane kakhulu abantu abazibuza ukuthi uJesu yena ukhona yini. Kwamukeleka kalula nje ukuthi uJesu wayengumuntu ngokwempela owaphila lapha emhlabeni ezweni lakwaIsraeli eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili (2000 years) ezadlule.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Wenze kahle kakhulu! Wenze isinqumo esizoshintja impilo yakho yonke! Mhlawumbe uyazibuza ukuthi, “Manje yini okunye ofanele ukwenze? Ngiluqala kanjani uhambo lwami noNkulunkulu?” Lezinyathelo ezibhalwe lapha ngaphansi zizokunikeza indlela eyiyona yona esuselwa eBhayibhelini. Uma unemibuzo ngohambo lwakho, sicela uvakashele ku www.gotquestions.org/IsiZulu.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Incwadi echaza kabanzi ngamagama ebizwa ngokuthi yiWebster’s Dictionary ichaza umuntu onguMkriatu kanjena, “ngumuntu onobufakazi obuqinile ngokukholwa kuJesu njengoMsindisi noma kuleyo nkolo eyakhelwe ezifundisweni zikaJesu.” Noma lencazelo iyisiqalo esihle ekuqondeni ukuthi umuntu onguMkristu uyini, kodwa njengazo zonke izincazelo ezivela ekuqondeni kwezwe, iyasilela ukuchaza kahle ngokweqiniso leBhayibheli ukuthi kusho ukuthini ukuba nguMkristu.
Copyright (c) 2013-2023 Sharing Biblical Truth. All right reserved. Legal notices