Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Umthandazo wesoni ngumthandazo othandazwa ngumuntu kuNkulunkulu lapho esebonile futhi eqonda ukuthi uyisoni udinga uMsindisi. Ukusho lomthandazo kukodwa nje angeke kufeze lutho. Lomthandazo ubanomphumela uma ngabe lomuntu owuthandazayo uyazi, uyaqonda, futhi uyakholwa ngokona kwakhe nokuthi uyidinga ngempela insindiso.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: “UMgudu wakwabaseRoma wensindiso” yindlela nje yokuhlephulelana noma ukushumayela ivangeli lensindiso usebenzisa amavesi eBhayibhelini acashulwe encwadini yaKwabaseRoma. Yindlela elula kodwa enamandla echaza kahle ukuthi sidingelani ukusindiswa, ukuthi uNkulunkulu wasipha kanjani insindiso, singayemukela kanjani insidiso, futhi yini imiphumela yensindiso.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Izitolo ezithengisa ukudla zisidonsela kuzo ngokusivumela ukuba sizikhethele ukudla esikuthandayo, kulungiswe ngendlela yethu esiyikhethileyo. Ezinye zalezitolo ziziqhenya ngezintlobontlobo zokudla noma amkofi ahlukene esingakhetha kuwo. Noma sizithengela izimoto noma izindlu, sikhetha lezo ezinezinto esizidingayo nesizithandayo. Asiphili esikhathini lapho kungekhokuzikhela khona. Ukuzikhethela yikhona okuhamba phambili!
Eyabhalwa Michael Houdmann
Umbuzo: “Yini uhlelo lwensindiso?”
Impendulo: Ingabe ulambile? Hhayi ukulambela ukudla, kodwa ingabe uzwa indlala yokufuna okuncono empilweni. Ingabe kukhona phakathi kwakho ukungeneliseki? Uma kunjalo ke, uJesu uyiyona ndlela! UJesu uthi “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi kasoze alambe, nokholwa yimi kasoze ome.” (NgokukaJohane 6:35).
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Usumamukele uJesu Kristu njengoMsindisi wakho? Ngaphambi kokuba uphendule lombuzo, ngivumele ukuba ngiwuchaze kahle. Ukuze lombuzo uwuqondisise kahle ufanele ukuqondisisa kahle “uJesu Kristu,” “owakho” “noMsindisi.”Ungubani UJesu Kristu? Abaningi bamukela uJesu Kristu njengendoda elungile, uququdu lukathishela, noma njengomprofethi kaNkulunkulu.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Ingabe kukhona ukuphila emva kokufa? IBhayibheli isitshela ukuthi, “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza. Uyavela njengembali, abune, ubaleka njengethunzi angemi….Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na?” (UJobe 14:1-2, 14).
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Uqiniseke ngempela ukuthi unakho ukuphila okuphakade nokuthi uzoya eZulwini uma ufa? UNkulunkulu ufuna ukuthi ube nesiqiniseko! IBhayibheli ithi: “Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.” (1 KaJohane 5:13).
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: “Mina ngingumuntu ozilungele ngendalo, ngakoke ngiyolingena iZulu.” “Ngiyavuma ngenza izinto ezimbi ngesinye isikhathi, kodwa ziningi ezinhle engizenzayo kunalezo ezimbi, ngalokho ke eZulwini ngiyongena noma kanjani.” UNkulunkulu angeke angijezise ngokungiyisa esihogweni ngenxa yokuthi nje angiphili ngeBhayibheli. Izikhathi sezishintshile manje.” “Ngabantu abonakele kakhulu njengalaba abanukubeza izingane nababulali ababekelwe isihogo.
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Ukuze silungelane noNkulunkulu, kufanele siqonde kuqala ukuthi yini “into embi” empilweni yethu. Impendulo ithi yisono! “…akakho owenza okuhle, akakho noyedwa” (Amahubo 14:3). Sivukele samelana nemiyalo kaNkulunkulu; “Thina sonke sidukile njenegezimvu….” (UIsaya 53:6).
Eyabhalwa Michael Houdmann
Impendulo: Imithetho eMine yakoMoya iyindlela yokushiyelana noma ukuhlephulelana izindaba ezinhle zensindiso etholakala ngokukholwa kuJesu Kristu.Lena yindlela elula yokuhlela kahle okusemqoka okuqukethwe yiVangeli phansi kwamaphuzu amane.
Copyright (c) 2013-2023 Sharing Biblical Truth. All right reserved. Legal notices